23 Apr 2026, Thu

Unqatshelwe ibheyili usomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala

Unqatshelwe ibheyili usomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala.

Ukuvela kwakhe enkantolo okulandelayo kuzoba mhla ziyisikhombisa-7 kuMfumfu 2025.

UMatlala usolwa ngokuhlukumeza owayeyintombi yakhe ngo-2023.

Kodwa usamile kwelokuthi umsulwa.

Umbuso utshele inkantolo ukuthi uMatlala wayecashile futhi esebenzisa igama elingelona iqiniso ngaphambi kokuba aboshwe.

Abameli bakhe bamile kwelokuthi icala lintekenteke futhi amaphoyisa azama ukumqopha.

Uphinde wathinteka ezigamekweni zikaKhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *