19 Apr 2026, Sun

UR1 million wabelwe ukufaka amakhamera eCCTV ezikoleni ukuze kuqiniswe ezokuphepha KwaZulu-Natal

UNdunankulu waseKZN, uThami Ntuli, ohola ihhovisi lezokuphepha komphakathi, uthi kunemali engu-1 million wamarandi eseyabelwe ukufaka amakhamera e-CCTV ezikoleni ukuze kuqiniswe ezokuphepha.

UNtuli wethule ngokusemthethweni uhlelo lweProvincial School Safety Programme eMayville Conference Centre eThekwini.

Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuthuthukisa ezokuphepha ezikoleni zakulesifundazwe kulandela izigameko zodlame ezikoleni ezahlukene.

Esigamekweni esishaqisayo esenzeke eTrenance Park Secondary School ePinetown entshonalanga yeTheku, umfundi oneminyaka engu-17 ofunda uGrade-10 ugwazwe emqaleni ngozakwabo ababili abafunda uGrade-8 ngemva kokuhilizisana okuqubuke phakathi kwabo.

UNtuli uthi bazithathela phezulu lezigameko zodlame ezikoleni futhi basebenzisana kakhulu namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi labo abenze lokhu babhekana nengalo yomthetho, bajeze ngezenzo zabo.

“Siqala uhambo lokuqinisa ezokuphepha ezikoleni, sinenkolelo yokuthi ngokubambisana phakathi kwezinhlaka ezakhalele isikole, kufanele kubekhona esingakwenza kangcono—namaphoysa, community policing forum, amavolontiya ezokuphepha kanye nabaholi abakhona emphakathini,” kubeka uNtuli.

Umthombo: https://gagasiworld.co.za/untuli-uthi-ihhovisi-lezokuphepha-komphakathi-selikhiphe-ur1-mil-wokufaka-ama-cctv-ezikoleni/?fbclid=IwY2xjawM4219leHRuA2FlbQIxMQABHloqQo0vZWnRit8mpux8zCa1gPi225fJetwLrcVaSs47gb9novgqTq-9N-ce_aem_6tP4z41DIspvHiHhOELRaw

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *