Kudlwengulwe umfundi egcekeni lesikole eMsinga
Bakhihla esikaNandi abantwana baseSinothando High School esisesigodini saseMbangweni eMaChunwini emuva “kokudlwengulwa” komfundi emagcekeni esikole.
Lesigameko kuthiwa senzeke ngoLwesine (19/09/2025) ebusuku ngezithuba zehora lesishiyagalulunye ebusuku.
Umthombo uthe “Sinekhempu la eskoleni njengoba usuphela nje unyaka. Uzakwethu uthole umbiko wokuthi kufanele eyolanda imali kumfowabo osebenza khona la endaweni. Uhambileke mantambama. Akabiyanga waze wabuya ngezithuba zo-9 ukuya ku-10 ebusuku. Okusixakile ungene ekhala. Masimbuza uthe kade efikile kodwa ufike wama esangweni ngo 5 ukuya ku-6. Unogada ubengekho esangweni ngalesoskhathi. Uthi ubesaba ukumemeza ngoba asivumelekile ukuphuma uma sekushaye u-6. Kuthe makushaya u-9 wayokweqa ngasema-toilet ngoba kunendawo la ucingo lulufishane ngakhona.”
Eqhuba “Uthe uzithele phezu kukathisha wesilisa othe kuye WOZA SIZOLALA KHONA NGINGEZUMTSHELA UTHISHOMKHULU. Uthi ube esenqaba wambamba-ke wamenza isilo sengubo. Udadewethu wavikela e-clinic bafike bamdlulisela emaphoyiseni kodwa kumanje kusathule. Sihlalele ovalweni ngoba njengoba kuthule nje asazi kuzophetha kanjani”. Ephetha.
Sikhulume nomzali othe “Kunzima kakhulu kimi ngomntanami. Kusukela ngoLwesine angibazi ubuthongo nokudla akungeni”.
Umthombo wethu uthe uthishanhloko uluthole khona manje ngo-9 ukuya ku-10 ebusuku udaba.

Umthombo: Umsinga FM

