Ushonile ngokudabukisayo umfundi wesihlanu owalimala engozini yetekisi ethutha abafundi
Ushone ngokudabukisayo umfundi wesihlanu engozini enyantisayo yomgwaqo.
“besinethemba lokuthi uzosinda aphinde ahlanganyele nabanye afunda nabo afunda uGrade 9 eZibukezulu High School.” – UMnuz Siboniso Duma – UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal.
Namhlanje ekuseni ngithole izindaba ezibuhlungu zokushona kuka Nomalanga Ndawonde (15) kungazelelwe.
Ubethola usizo lwezempilo olusezingeni eliphezulu esibhedlela Inkosi Albert Luthuli.
Ngezithuba zabo-03:00, ushone ngenxa yokulimala kobuchopho akuthola ngesikhathi itekisi yohlobo lweToyota Siyaya inqamuka amabhuleki ngesikhathi yehla ku-T22 Road elokishini lase-Unit 18 eMbali eMgungundlovu yaphonseka eSenzokuhle Pre-School.
Itekisi ichezuke emgwaqeni yashayisa isihlahla yaphonseka eSenzokuhle Pre-School.
Besinethemba lokuthi uzophila aphinde ajoyine izingane afunda nazo uGrade 9 eZibukezulu High School.
Okubuhlungu ukuthi usishiyile.
Siyaxhumana nomndeni wakwaNdawonde namhlanje ekuseni sidlulise amazwi enduduzo emndenini.
Ngithumele ithimba ehhovisi lami kanye noMnyango ukuthi libe seduze nomndeni.
Abaholi bethu bezenkolo nabo bazoba seduze nomndeni. UKhansela Ngubane naye uyaxhumana nomndeni.
Isibalo sabafundi abashone ngenxa yale ngozi enyantisayo sesinyuke safinyelela kwabahlanu.
Abanye abafundi abathathu babekwe endaweni yokugcina. Umfundi wesine, uMthobisi Khambule uzobekwa kusasa.
Sengathi imiphefumulo engasekho ingalala ngokuthula:-
1. Nomalanga Ndawonde – Owesifazane
2. Mthokozisi Khambule – Male
3. Luthando Zaca – Male
4. Omphile Mbhense – Owesifazane
5. Zanokuhle Notha – Female
Njengoba kumenyezelwe ngesonto eledlule, sekwemukelwe indlela edidiyelwe yokuqinisekisa ukuthi siyasiza imindeni nezikole kulesi sikhathi esinzima.
Lokhu kubandakanya uNgqongqoshe wezeMpilo, uNomagugu Simelane, uNgqongqoshe wezeMfundo, uSipho Hlomuka, iMeya yesiFunda uMgungundlovu, uCllr Mzi Zuma kanye neMeya kaMasipala waseMsunduzi, uCllr Mzimkhulu Thebolla namakhansela endawo.
Ikhishwe nguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu
Imibuzo
Ndabezinhle Sibiya | 082 375 4742 | Umkhulumeli | UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu

