23 Apr 2026, Thu

UKhomishana wamaphoyisa uMasemola useqalile ukwethula ubufakazi kwikhomishini kaMadlanga

UKhomishana wamaphoyisa uMasemola useqalile ukwethula ubufakazi kwikhomishini kaMadlanga

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke u-Gen Fannie Masemola useqalile ukwethula ubufakazi kwikhomishini kaMadlanga namuhla ngoMsombuluko.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uphothule ubufakazi bakhe bezinsuku ezintathu ngoLwesihlanu.

Ikhomishana yophenyo ibheka izinsolo zobugebengu, ukugxambukela kwezombusazwe kanye nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa kwezobugebengu.

Okhulumela ikhomishini uJeremy Michaels ukuqinisekisile ukuthi uMasemola uzokwethula ubufakazi ngoMsombuluko.

Uthe umphakathi uzokwazi ukulandela ukulalelwa kwaleli cala ngokusakazwa bukhoma kusizindalwazi sekhomishana neminye imisakazo, ithelevishini, izindaba kanye nezinkundla zokuxhumana.

“Sithanda ukukhumbuza lawo malungu omphakathi afuna ukuthamela lesi sigcawu ukuthi kumele aphathe umazisi osemthethweni noma izincwadi zokushayela nokuthi azikho izikhali ezizovunyelwa emagcekeni eKhomishini, eBrigitte Mabandla Justice College ePitoli,” usho kanje.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *