22 Apr 2026, Wed

IMeya uPapas igxeka uNgqongqoshe uKhawula ngokubeka engcupheni izintombi zaseKZN

IMeya uChris Papas igxeka uNgqongqoshe uMntomuhle Khawula ngokubeka engcupheni izintombi zaseKZN

IMeya yaseMngeni uChris Pappas isole uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, ngokubeka impilo yezintombi engcupheni.

Ngokusho kukaPappas, uMnyango kaKhawula wawuthembise ukuthi uzohlinzeka ngezintombi eziya eMashobeni ibhasi kodwa wahoxa ngomzuzu wokugcina.

Umcimbi ubuseMashobeni, oPhongolo, ngoSepthemba 13 – 14.

Ngokwesintu izintombi zithuthwa ngamabhasi ziphelezelwa abanakekeli bazo. Laba baziwa ngokuthi onomehlo (abesifazane abahlola ubuntombi).

Izintombi zihambe zingenalutho
UPappas ungene ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa intukuthelo yakhe.

“Ngiphoxekile ngoMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngokuthembisa ukuthi uzonikela ngebhasi elilodwa kodwa wabuye wahoxa ngomzuzu wokugcina izingane sezibuthene, nokho ezihambile zazinakekelwa kahle.”

Ngokusho kwakhe izikhulu zomnyango bezilokhu zithembisa ukuthi ibhasi lisendleleni kodwa lagcina lingafikanga.

“Izikhulu zoMnyango obhekelele uMgungundlovu District azizange zisinike isizathu esibambekayo, zaze zaxolisa ngo-10 ebusuku ngemuva kokulinda izintombi nomama amahora angu-11.

“Bathumele isixoliso kuphela kodwa asikho isizathu esizwakalayo esibekiwe ngalokhu kwehluleka. Kuze kube manje, asikayitholi incazelo yokuthi kungani izimpilo zamantombazane asemancane zibekwe engcupheni,” kusho uPappas.

Umasipala ukuhlenga
Ngokungalutholi usizo, uMasipala waseMngeni wangenelela. Wahlinzeka ngamabhasi athwala izintombi kanye nabanakekeli bazo oPhongolo.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *