22 Apr 2026, Wed

Owesilisa (41) uboshelwe ukugwaza abulale umfowabo e-Eldorado Park

Amalunga ophiko lwamaphoyisa e- Eldorado Park okuyi- Tracing Unit abophe umlisa oneminyaka engamashumi amane nanye ubudala (41) mayelana nokusolakala ngokubulala umfowabo .

Amaphoyisa bekade eqhuba umsebenzi wawo wokuqapha ubugebengu endaweni yase- Eldorado Park Extension 6 ngenkathi ethola isisulu silele phansi egcekeni .

Isisulu besikade sinamanxeba okugwazwa , kunommese esandleni saso sokudla .

Okhulumela amaphoyisa uFezeka Khobo uthe ngesikhathi abantu bomthetho benza uphenyo , omunye umlisa uqonde Kubo , wafika wavuma ukuthi ugwaze umfowabo.

“Izandla nezingubo zomsolwa kubikwa ukuthi bekugcwele igazi. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa okwamanje. Umsolwa uboshiwe, ugcinwe e-Eldorado Park SAPS ukuze kuqhutshekwe nophenyo, kulindeleke avele enkantolo maduze,” kusho uKhobo.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngezenzo eziphambene nomthetho e-Eldorado Park ukuba athinte isiteshi ku-011 946 0300 noma 082 444 3001, noma angaziwa abhale inombolo ye-S
APS Crime Stop Hotline ku-08600 10111

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/163gVdcUHG/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *