18 Apr 2026, Sat

Kuboshwe owesilisa waseMnambithi obezitika ngesidumbu sentombi yakhe isishonile

Kuboshwe owesilisa waseMnambithi obezitika ngocansi ngesidumbu sentombi yakhe isishonile.

Uboshiwe umlisa waseZakheni ka-E eMnamithi okuthiwa uhlale nesidumbu sentombi yakhe izinsuku emva kokushona.

Lomlisa esiligodlile igama lakhe, kuthiwa ubevele ehlala naye lona wesifazane endlini, nokuthe uma ehlatshwa wukugula emavikini ambalwa edlule, walaliswa esibhedlela. Omakhelwane bathi lomlisa uhambe wayomlanda esibhedlela ngeledlule, nokubonakala engathi ufike washonela endlini kodwa lomlisa wathula wangasho wahlala nesidumbu khona lapho endlini.

Noma kungacaci ukuthi lomlisa uhlale nalesi sidumbu izinsuku ezingaki, kodwa kuthiwa kuzwakale ngephunga elidale ukuthi omakhelwane basole ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Emva kokuthi abanye bomakhelwane bezijubile bayobheka ukuthi kwenzakalani, bathole ukuthi lona wesfazane akasekho futhi usenesikhathi eshonile. Umphakathi kuthiwa uthe ukuxoxa naye kwase kubizwa amaphoyisa zabe sezimkhalela.

Zikhona nezinsolo ezingakaqinisekiswa zokuthi lomlisa ubebuye azitike ngaye ngocansi lona wesilisa evele eseshonile.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/14Eyux2iL5N/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *