5 Jun 2026, Fri

Inxusa laseNingizimu Afrika eFrance uNathi Mthethwa utholakale eshonile ehhotela laseParis

Inxusa laseNingizimu Afrika eFrance uNathi Mthethwa utholakale eshonile ehhotela laseParis

Isidumbu sikaMthethwa sitholwe eHyatt Hotel lapho ngokwemibiko, eshonele khona ngenxa yokuwa esuka esitezi sesi-22.

UMthethwa usebenze ezikhundleni ezehlukene kuhulumeni, okuhlanganisa nokuba ngungqongqoshe wamaphoyisa phakathi kukaMeyi 2009 noMeyi 2014.

UMthethwa usanda kuba sematheni ngesikhathi ekhonjwa indlela nguLt-General Nhlanhla Mkhwanzi njengoba ephoqe lowo owayenguMhloli Jikelele wezobuNhloli uFaith Radebe ukuthi ahoxise icala lobugebengu elalibhekene nalowo owayeyinhloko yeCrime Intelligence, uMnuz Richard Mdluli.

Kulindeleke ukuthi uMnyango Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe unikeze eminye imininingwane ngezimo zokushona kwakhe.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *