Ugwetshwe iminyaka engu-23 owesifazane (37) wase Mozambique owadlisa indodakazi yakhe (11) angayizali u-ayisikhilimu onoshevu wamagundane
Owesifazane waseMozambique ugwetshwe iminyaka engu-23 ngokubulala indodakazi yakhe angayizali
INkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika igwebe uClara Masinga (37) ongowokudabuka eMozambique, iminyaka engu-23 ebhadla ejele ngecala lokubulala ngenhloso indodakazi yakhe angayizali, 11, uJennifer Gumbi.
UMasinga wavuma ukuthi wayidlisa u-ayisikhilimu intombazane wafaka ushevu wamagundane ngoMashi 2015 ngaphambi kokulahla isidumbu sakhe emgodini ongashoni ngasemfuleni uMlumati eMpumalanga.
IJaji uVukeya lisigxekile isihluku esishaqisayo sobugebengu kanye nokwanda kodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, lathi asikho isigwebo esingake sambuyise uJennifer.
INingizimu Afrika ayikwazi ukuqhubeka nokuba yindawo lapho izenzo ezinjena zingaphikiswa. Ubulungisa kufanele buvikele abangenacala, futhi imithetho yethu kufanele isetshenziswe ngaphandle kokwesaba noma ukuchema.


