Owesilisa waseMozambique Ushaye Wabulala Iphoyisa Lomgwaqo eMpumalanga
Isigameko esibuhlungu senzeke eMpumalanga lapho ongowokudabuka eMozambique, ogama lakhe linguFrancisco Mawuse, kuthiwa ubulale u-Provincial Traffic Inspector ngaphambi kokuba abaleke endaweni yesigameko.
isigameko sibhaliswe ngaphansi kweMiddelburg CAS 174/10/2025 ngecala lokubulala. Umsolwa kubikwa ukuthi wabaleka ngemva kokushayisana, okwenze abomthetho bamthungatha.
Iphoyisa elishonile elichazwe njengoPrincipal Provincial Inspector, beliqhuba umsebenzi walo ngesikhathi lishaywa.
Iziphathimandla zisigxekile lesi sigameko zacela ukuba kuthathwe izinyathelo ngokushesha ukuze umsolwa abhekane nengalo yomthetho. Uphenyo lusaqhubeka.


