Kudutshulwe kwashiswa abesilisa abayisikhombisa ePhilippi East
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abesilisa abayisikhombisa abaneminyaka engu-20 kuya ku-30 ubudala badutshulwa bashiswa emzini osePhilippi East.
Izisulu bezihlale endaweni amasonto amathathu kuphela ngemuva kokudluliselwa emsebenzini ePhilippi mall.
Ubusuku elokishini iBetter Life buphenduke ukwesaba ngesikhathi abalisa abayisikhombisa betholakala bedutshulwe bashiswa endlini ePhilippi East, eKapa.
Abashonile bebeqashe amagumbi kulo muzi kumnikazi wendawo uMnuz Sisa Mateyisi, othe uphatheke kabi ngabakubona.
“Kukhona owafika kimina wathi kukhona abafuna indawo yokuqasha,” kusho uMateyisi. “Ngavuma ukuthi bahlale endlini yami.”
Uthe ekuqaleni kwakukhona amadoda amathathu, kodwa kwabuye kwavela ukuthi bangu-11 abantu abahlala khona.
UMateyisi uthe uphuthume endlini ngesikhathi umakhelwane emtshela ukuthi kuyasha. “Ngithe uma ngifika ngabona isidumbu sowesilisa sivutha bhe, wadutshulwa, ngabona kuphuma intuthu kwelinye igumbi lapho kudutshulwe kwashiswa abalisa abayisithupha,” usho kanje.
Owesifazane owayekade elele kwelinye igumbi waphuma ememeza. Esinye isiqashi esisinde ngokwenza sengathi sishonile, size saphuma sekufike amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo.
Izisulu zazithuthele eFilipi emasontweni amathathu ngaphambili. “Babesuka eFlagstaff e-Eastern Cape basuswa eKhayelitsha bayosebenza enxanxatheleni yezitolo ePhilippi,” kusho uMateyisi.
Uthe udonsa kanzima ngenxa yokubona lesigameko. “Angizizwa kahle. Angazi ukuthi ngenzenjani njengoba igazi liningi,” esho.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uColonel Andre Traut uthe abaseshi bophiko lweProvincial Serious and Violent Crimes bayaphenya.
“Sebephume umkhankaso omkhulu wokuthungatha labo abenze lokhu kuhlasela ngesihluku,” kusho uTraut.
Esithombeni ngenhla: Kudutshulwe kwashiswa amadoda ayisikhombisa endlini elokishini iBetter Life, ePhilippi East, eKapa.

