25 Apr 2026, Sat

Iphoyisa ligqunywe ejele ngokubulala uzakwabo eMariannhill

Iphoyisa ligqunywe ejele ngokubulala uzakwabo eMariannhill

Iphoyisa elisolwa ngokubulala elinye iphoyisa lizohlala esitokisini kuze kube livela enkantolo ngokulandelayo.

UConstable Andile Zulu usolwa ngokubulala uConstable Sibonelo Ngidi eMariannhill ngasekuqaleni kuka-Okthoba.

Kuthiwa uConstable Ngidi ubehamba ngemoto ngaseChestnut Crescent ngesikhathi ebona imoto ipake phakathi nomgwaqo.

Kusuke umsindo ngemuva kokuthi uNgidi etshele umshayeli ukuthi akaphume emzileni.

Umshayeli ogcine ehlonzwe ngelikaConstable Zulu kuthiwa udubule kaningi ebhekise kuNgidi.

UConstable uphuthunyiswe esibhedlela, kwatholakala ukuthi useshonile ngesikhathi efika.

Kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMariannhill ladluliselwa koKlebe eKZN ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

UZulu ube esezinikela ezikhulwini eDurban Central ngoLwesihlanu wathweswa icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko icala lakhe lahlehliselwa uMsombuluko ozayo lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *