UMchunu uyavuma ukuthi abukho ubufakazi bokuthi uMkhwanazi wamsabisa:
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, okumanje usekhefini eliyisipesheli, uvumile phambi kwekomiti lesikhashana ePhalamende ngoLwesibili ukuthi akanabo ubufakazi noma umsindo oqoshiwe kaLt General Nhlanhla Mkhwanazi okuthiwa ubemsabisa.
•Lokhu ngemuva kokuthi uMchunu ngeledlule eveze ukuthi uMkhwanazi umenze izinsongo ezibucayi ngemuva kokuhlakaza ithimba lePolitical Killings Task Team (PKTT).
•UMchunu utshele ikomiti ngoLwesihlanu ukuthi uzoletha umsindo ngoLwesibili. Nokho, wehluleka ukwenza kanjalo.
Ngesikhathi umholi we-EFF uJulius Malema egcizelela ukuthi kumele “kubhalwe phansi” ukuthi okuqoshiwe “ayikho,” uMchunu uvumile.

