8 Apr 2026, Wed

Kufunwa umsizi wasendlini (19) ngecala lokweba eMgungundlovu

Kufunwa umsizi wasendlini (19) obeseqashwe izinsuku eziyishumi kuphela (10) ngecala lokweba eMgungundlovu.

I-Reaction Unit South Africa (RUSA) icela usizo emphakathini ngokuthola uMasphile Nokwanda Tshabalala ( osesithombeni) oneminyaka engu-19.

UTshabalala ufunwa ku-SAPS Bishopstowe CAS 10/10/2025 ngecala Lokweba ukheshi namaringi amabili esiliva acwebezelayo (isithombe 2).

Icala lenzeka endaweni ebizwa ngeTable Mountain eMgungundlovu, KwaZulu-Natal ngomhla zingu-22 kuMfumfu 2025 lapho uTshabalala eqashwe khona izinsuku eziyishumi kuphela (10) engumsizi wasendlini. Umsolwa ungowaseNingizimu Afrika futhi ugcine ukubonakala endaweni yaseMakongo eMgungundlovu – KZN.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *