16 Apr 2026, Thu

Kushaqwe izidakamizwa elolini ezingabiza isigidi samarandi eOshoek Border

Kushaqwe izidakamizwa elolini ezingabiza isigidi samarandi eOshoek Border

IMandrax kanye nezidakamizwa ezingabiza isigidi samarandi kushaqwe elolini e-Oshoek Border Post phakathi kweNingizimu Afrika ne-Eswatini.

Amalungu oKlebe aphendule ucingo lwamaphoyisa e-SAPS asebenzela e-Oshoek Border lapho kuvinjwe khona iloli ebeliqhamuka e-Eswatini.

Ngesikhathi kuseshwa iloli kutholwe amaphilisi e-mandrax nensangu kufihlwe emabhokisini nasezikhwameni zepulasitiki.

Kuboshwe umshayeli nomunye abehamba naye.

Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namuhla.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *