Kushone abantu abathathu kulandela ingozi ebandakanya amaveni amabili ku-N4 ngaseMiddelburg Dam.Le ngozi yenzeke ngabo-11h30 ekuseni.
Umshayeli weveni eya lapho iqhamuka ngaseMbombela uhlulekile ukuyilawula yangena emigwaqweni eqhamuka khona, yabe isishayisana nenye eyayiqhamuka ngaseMalahleni.
Abantu abathathu, umshayeli wesilisa nabagibeli ababili omunye wabo obengumfana omncane omunye wesifazane, balahlekelwe yizimpilo zabo ngenxa yengozi.
Amantombazane amabili abelimele kanzima, umshayeli wesilisa nabagibeli ababili, owesifazane nomfana omncane abanamanxeba amancane baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze.
Uphenyo ngale ngozi luyaqhubeka.
UMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi waseMpumalanga udlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe futhi ufisela abalimele ukululama ngokushesha.



