Kuboshwe imenenja yakwa-Engen eThekwini ngenkohlakalo.
UMnuz Sandile Dlamini (41) kuthiwa wafuna intshontsho lika-R300 000 kumnikazi wenkampani yezokuthutha eyayithole ithenda yokudiliza amathangi kwa-Engen.
Umnikazi wenkampani obedinwe egane unwabu wabikela imenenja yakhe noKlebe uDlamini.
Wabe esecushwa isicupho, wabe eseboshwa ngemuva kokuthatha isamba sokuqala sika-R100 000.

