16 Apr 2026, Thu

UMthandeni “SK” uzokhipha ingoma entsha ethi DUBAI noMawhoo – iphuma ngo-12 ebusuku namhlanje

UMthandeni “SK” uzokhipha ingoma entsha ethi DUBAI noMawhoo – iphuma ngo-12 ebusuku namhlanje

Umculi odumile kaMaskandi, uMthandeni “SK” Manqele, uzokhipha ingoma entsha ethi DUBAI, esebenzisana nomculi owaziwayo we-Amapiano uMawhoo. Lengoma izophuma namhlanje ngo-12 ebusuku, futhi abaningi sebeyilindele ezinkundleni zokuxhumana.

Le ngoma iphuma ngaphansi koshuni womculo kaMthandeni owaziwa ngokuthi Woolies Genre, okuwuhlobo lomculo asewudale yena uqobo oluhlanganisa izitayela ezahlukene ezidala umsindo oyingqayizivele.

Abalandeli bomculi bayilindile ngokulangazelela le ngxube kaMaskandi, i-Amapiano kanye nesigqi esisha seWoolies Genre—okubukeka sengathi izothatha izikhotha zonyaka.

*Hlala ulindile – u-12 ebusuku ziyasha!

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *