23 Jul 2026, Thu

UZuluboy Uthi Ubengavikeli Abantu Bokufika, Futhi Ubengahlaseli I-March and March

UZuluboy Uthi Ubengavikeli Abantu Bokufika, Futhi Ubengahlaseli I-March and March

Umculi weHip Hop wakuleli, uMxolisi “Zuluboy” Majozi, usephumele obala wachaza ukuthi ubengahlosile ukuvikela abantu bokufika noma ukuhlasela iMarch and March ngokucula ingoma ka-Hugh Masikela, njengoba abanye abantu becabanga.

Uthi ugqozi lwengoma luqhamuke emazwini omculi weJazz ongasekho, uHugh Masekela, kanye nakwabanye abaculi abadala ababemele imibono ethile ngesikhathi besaphila.

UZuluboy uthi akazange aqambe le ngoma ngenhloso yokuhlasela iMarch and March  mayelana nokufika kwabantu bakwamanye amazwe eNingizimu Afrika.

Uthi umlayezo wakhe bekungowokudlulisa umbono wakhe ngomculo, nokulandela izimfundiso nemibono yabaculi abamgqugquzelayo.

Le ngoma ibangele ukusabela okuhlukene kubantu baseNingizimu Afrika, abanye beyihumusha njengokweseka abantu bokufika, kanti abanye beyibona njengomyalezo ophikisana nemikhankaso ebhekiswe kubantu bakwamanye amazwe.

UZuluboy nokho uthi abantu bahumushe umyalezo wengoma ngendlela ehlukile kunalokho ayekuhlosile.

#IsambaneNews #Zuluboy #HughMasekela #MarchAndMarch #SouthAfrica #MusicNews

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *