24 Jul 2026, Fri

UPhakelumthakathi Uthi Bazoqala Ukungena Ezindlini, Bakhiphe Abantu Bokufika

UPhakelumthakathi Uthi Bazoqala Ukungena Ezindlini, Bakhiphe Abantu Bokufika Abafihliwe

Umholi we-Insizwa Nobunsizwa Development Foundation, uPhakelumthakathi, uthi kusukela manje bazothatha esinye isinyathelo emkhankasweni wabo wokubhekana nokuhlala kwabantu bokufika eNingizimu Afrika.

UPhakelumthakathi uthi uthole ukuthi kukhona abanikazi bezindlu abasaqashisa abantu bokufika, kanti uthi ngeke bahlehle emuva kulolu daba.

Uthe bazongena umuzi nomuzi ukuze bathole abantu bokufika abahlala kule mizi, bese kuthi labo bantu bakhishwe.

Le nkulumo iza ngesikhathi imikhankaso ebhekiswe kubantu bokufika iqhubeka nokudala inkulumompikiswano ezweni, njengoba abanye befuna uhulumeni aqinise ukulawulwa kokufika kwabantu kanye nokuhlala kwabantu abangenawo amaphepha asemthethweni.

 

#IsambaneNews #Phakelumthakathi #Abokufika #SouthAfrica #Immigration #BreakingNews

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *