23 Jul 2026, Thu

UJacinta Uthi Ugxekwe Kakhulu Ngemuva Kokumela Abantu BaseZimbabwe

UJacinta Ngobese-Zuma Uthi Ugxekwe Kakhulu Ngemuva Kokumela Abantu BaseZimbabwe

Umholi weMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma, uthi usegxekwe kakhulu ngabantu baseNingizimu Afrika kanye nabantu baseZimbabwe kulandela isinqumo senhlangano yakhe sokweseka abantu baseZimbabwe ngodaba lombhikisho wangomhlaka 31 Julayi.

UJacinta uthi ubizwe ngamagama ahlukahlukene, ikakhulukazi ngabantu baseZimbabwe, ngenxa yesinqumo abasithathile sokuma nabantu baseZimbabwe kanye nokufuna ukuthi kukhululwe uBhekimpilo Mbedzi.

Ubhale wathi:

“I’ve been heavily criticised by South Africans and called all kinds of names as usual by Zimbabweans for the decision we took to stand by Zimbabweans for the July 31st protest and to FREE BHEKIMPILO MBEDZI…”

UJacinta uthe uzokwenza ividiyo ngokuhamba kwesikhathi lapho ezokhuluma kabanzi ngalesi sinqumo kanye nokugxekwa akutholile.

Lesi sitatimende sakhe siza ngesikhathi kuqhubeka inkulumompikiswano ngezindaba zaseZimbabwe, ikakhulukazi ngombhikisho ohlelelwe umhlaka 31 Julayi kanye nodaba lukaBhekimpilo Mbedzi.

#IsambaneNews #JacintaNgobeseZuma #MarchAndMarch #Zimbabwe #BhekimpiloMbedzi #July31Protest

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *