23 Apr 2026, Thu

Isambane News sethula umsakazo wezindaba ozotholakala ku-99.8 FM

Isambane News sethula umsakazo wezindaba ozotholakala ku-99.8 FM

Isambane News sethula umsakazo wezindaba ozotholakala ku-99.8 FM futhi ku-inthanethi ku-www.isambanenewsradio.co.za.

Lomsakazo uzotholakala ngo-2026, ulethe izindaba eziqondene nomphakathi,ezenzeka ezwenikazi lonke laseNingizimu Afrika, kanye nezindaba ezahlukahlukene ezithinta impilo yansuku zonke yabantu.

Isambane News Radio | Real News | Real Voices

Lomsakazo uzoba yithuba elikhulu kwabezindaba abasakhula kanye nezithangami zokuthuthukisa amakhono abo e-journalism. Uzohlanganisa abasakazi abahlukene, abazonikeza izwi eliqondile emphakathini, bekhuluma ngokoqobo nangokwethembeka.

Imininingwane ngokuthi umsakazo uzosakazela kuphi nendawo izokwabiwa ekhasini lethu le-Facebook @IsambaneNewsRadio-INR noma kumawebhusayithi ethu: www.isambanenewsradio.co.za noma www.izindabazesambane.co.za.

Auditions kwabafisa ukuba yinhlenye yomsakazo:
Abathanda ukuba yingxenye ye-Isambane News Radio bazomenywa kuma-auditions azobanjwa ngonyaka ozayo. Usuku, indawo, nemibandela yokubamba iqhaza kuzokwabiwa ezinkundleni zethu zokuxhumana.

Uzokwazi ukulalela Isambane News Radio ukuze uthole izindaba zangempela, ezithembekile, nezivela kubantu abahloniphekile emphakathini.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *