18 Apr 2026, Sat

Kushone umfana (7) ngemuva kokushaywa yibhola legalofu ekhanda ngesikhathi edlala

Kushone umfana (7) ngemuva kokushaywa yibhola legalofu ekhanda ngesikhathi edlala ibhayisiki ekhaya kubo

Ulahlekelwe impilo yakhe umfana oneminyaka engu-7, uThamsanqa Skhosana, waseGoli, ngemuva kokushaywa yibhola legalofu ekhanda ngesikhathi edlala ibhayisikili egcekeni lakubo.

Kuthiwa ibhola legalofu liqhamuke ngesivinini esikhulu, kungakaziwa ukuthi livela kuphi, lamshaya ekhanda. Umfana wabe eseshonela khona egcekeni.

Ubhuti wakhe, uMavin, uthi uzwe umsindo ongajwayelekile, wamemeza kabili kwase kuthula. Uphuthume waya emnyango lapho athole khona umfowabo esephansi, kunegazi phansi kanti ibhola legalofu beliseduze kwakhe. Wabe esebiza unina ngokushesha.

Unina, uDkt Promise Skhosana, ongudokotela osebenza e Netcare, kuthiwa ubekhona endlini ehlanza ngesikhathi ebizwa. Uphuthume wafika waqala ngokunikeza usizo lokuqala, wamthola umfana esaphefumula kodwa kanzima.

Ngeshwa, akuphelanga sikhathi eside umfana waphelela ezandleni zikanina.

Le ndaba ishiye umndeni nomphakathi bethukile futhi bedabukile kakhulu. Imibuzo isalokhu imi mayelana nokuthi ibhola legalofu liqhamuke kanjani langena egcekeni lomndeni.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *