Usenandisa iziboshwa ejele ngomculo uShebeshxt njengoba ezogubha uKhisimusi wakhe esejele.
Inkantolo kaMantshi ePolokwane imnqabele ibheyili uShebeshxt, okwenza aqhubeke nokuboshwa. Uvalelwe ngemuva kokubekwa icala lokuzama ukubulala, elivela esigamekweni sokuxabana kwakhe nomunye umuntu.
U-Shebeshxt kulindeleke ukuthi abuyela enkantolo mhla ziyi-18 kuFebhuwari, lapho kuzobhekwa khona ukuqhubeka kwecala lakhe. Okwamanje, abalandeli bakhe bathi umculo wakhe uyaqhubeka nokudlala, yize yena esephesheya kwezinsimbi

