19 Apr 2026, Sun

Umama (23) Wengane Eneminyaka Engu-3 Useduke Izinsuku Ezingaphezu Kuka-50 eThekwini

Umndeni ka Nontokozo Akhona Mzimela (23), owaziwa nangokuthi Nontoh, ucela emphakathi ukuba usize ngolwazi olungaholela ekutholakaleni kwakhe, njengoba eselokhu enyamalale izinsuku ezingaphezu kwezingu-50.

UNontokozo ungumhlali wase Intaphuka eNdwedwe, KwaZulu-Natal. Wagcina ukubonakala ngoLwesibili, zingu-11 kuLwezi 2025, kusukela ngalolo suku akabange esabuyela ekhaya noma axhumane nomndeni wakhe.

Ngokwemindeni, bekuyinto ejwayelekile ukuthi kwesinye isikhathi ahambe isikhashana eyobona isoka lakhe, kodwa baveza ukuthi lokhu kunyamalala sekudlulele kakhulu kunakuqala futhi sekubenze bakhathazeka kakhulu. UNontokozo ungumama wentombazane eneminyaka emithathu, okwamanje egcinwe yizihlobo.

Ulwazi lokugcina olutholwe umndeni lukhomba ukuthi kungenzeka ukuthi wagcina ukubonakala eGandhi Park, eVerulam CBD. Lokhu kwavela ngemuva kokuba izihlobo zibone i(WhatsApp status) sakhe, esikhombisa isithombe sakhe ehamba nendoda esekhulile okukholakala ukuthi iyisoka lakhe. Ngemuva kwalokho umakhalekhukhwini wakhe wavalwa, kwaba nzima ukuxhumana naye.

Umndeni uthi usudlule isikhathi eside bengatholi lutho ngaye, futhi bakhuleka ukuthi noma ngubani onolwazi, noma ombonile, aphumele Obala abazise.

Noma ubani onolwazi mayelana nokunyamalala kukaNontokozo Akhona Mzimela uyacelwa ukuthi axhumane neReaction Unit South Africa (RUSA) ku 086 1234 333.

Umndeni ucela ukuthi lombiko usatshalaliswe kabanzi, ngenhloso yokuthi kungase kube khona ozobasiza atholakale.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *