Kutholakale Isidumbu Sentombazane (17) Sesonakele Sikhiyelwe Emjondolo eMkholombe, ePort Shepstone
Umphakathi wase Mkholombe,ePort Shepstone, ushayeke kabuhlungu ngemuva kokutholakala kwesidumbu sentombazane eneminyaka engu-17 ubudala, esitholakale sesonakele.
Ngokwemibiko, lesi sidumbu besingasabonakali kahle ngenxa yokonakala kwaso. Kusolwa ukuthi umenzi wobubi uqede ukwenza isenzo sakhe, wabe eseshiya isidumbu ngaphakathi emjondolo, njengoba kutholwe umnyango uvaliwe ngengidi ngesikhathi kufika abezokuphepha.
Umndeni wale ntombazane uveze ukuthi yagcina ukubonwa mhla zingu-30 noma zingu-31 kuZibandlala ngonyaka odlule. Ngaleso sikhathi, umndeni ubucabanga ukuthi iye kubangani, yingakho kungazange kusolwe masinyane ukuthi kukhona okubi okwenzekile.
Ukutholakala kwesidumbu kudale usizi olukhulu nokuthukuthela emphakathini, lapho izakhamuzi zicela khona ukuthi abenzi bobubi batholakale babhekane nengalo yomthetho.
Amaphoyisa South African Police Service aqinisekise ukuthi uphenyo luyaqhubeka, kanti okwamanje akukho muntu oboshiwe. Amaphoyisa acela noma ngubani onolwazi olungasiza ophenyweni ukuthi aze ngaphambili.
Umndeni ucele ubumfihlo nokwesekwa ngalesi sikhathi esinzima, njengoba uzama ukubhekana nosizi lokulahlekelwa ingane yabo ngendlela ebuhlungu kangaka.




Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1CuJcdnrzk/

