19 Apr 2026, Sun

Ubekwe endlini yakhe yokugcina owesilisa (42) owagwazwa wabulawa uyise (60.

Ubekwe endlini yakhe yokugcina owesilisa (42) owagwazwa wabulawa uyise (60.

Ubekwe namhlanje endlini yakhe yokugcina uAndries Thupana (43), owagwazwa wabulawa ubaba wakhe (60) esigcemeni saseTervission eSenwabarwana mhlaka 1 Januwari 2026.

Ngokutholakele, lo wesilisa kuthiwa waqale waxabana nonina, owabe esemtshela ukuthi uzobikela ubaba wakhe ngokuthi uyamhlukumeza. Kuthiwa uThupana waphendula ngokuthi akabike ngoba akamsabi, wathi uzomgwaza. Ngaleso sikhathi kuthiwa wasuka waya lapho kuhlala khona ubaba wakhe eTervission Section.

Lapho efika, bobabili baxabana kanzima. Kuthiwa uThupana wakhipha isikhali esilimazayo efuna ukugwaza ubaba wakhe, kodwa ubaba wakwazi ukumhlula ngamandla, wamphuca leso sikhali, wabe esemgwaza esifubeni. UThupana ushonele khona lapho.

Amaphoyisa avule icala lokubulala, kanti ubaba kamufi uboshiwe. Uphenyo lusaqhubeka njengoba umphakathi wakule ndawo usashaqekile ngalesi sehlo.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *