KUSHONE UMUNTU OYEDWA, KWALIMALA AMAPHOLISA AWU-12 ENGOZINI E-N1 E-LIMPOPO 💔😭
Kushone umuntu oyedwa kwalimala amaphoyisa angu-12 ngemuva kwengozi enyantisa igazi ehlanganise imoto encane ne-SAPS minibus/Quantum yamaphoyisa ku-N1 freeway eduze ne-Astron Filling Station ngaphandle kwasePolokwane, eLimpopo.
Ingozi yenzeke ngoLwesihlanu, 28 August 2026, ngezithuba zabo-19:00, ngesikhathi imoto encane ibihamba ibheke enyakatho. Kubikwa ukuthi kube nokushayisana okubhekene ngamakhanda phakathi kwalezi zimoto.
Ngeshwa, umuntu obehamba emotweni encane ushone, kanti amaphoyisa angu-12 abekwi-SAPS vehicle alimele kulengozi.
Izinsiza eziphuthumayo kanye nabanye ababambiqhaza baphuthume endaweni yesigameko ukuyosiza abalimele. Izigameko zengozi ziphinde zadala ukuphazamiseka kokuhamba kwezimoto kule ngxenye ye-N1.
Imbangela yengozi kusamele isaphenywa 💔

