30 Aug 2026, Sun

UMFUNDISI VUSI DUBE UTHI NIMTHUKELA UKUTHI UTHANDA I-ANC.

UMfundisi uVusi Dube usephendule abantu abamgxekayo ngenxa yokuthi uyilungu nomsekeli we-ANC, ethi akaboni ukuthi kungani umuntu kufanele athukwe ngenxa yokuthanda iqembu lakhe lezepolitiki.

UDube uthe:

“Manje umuntu nimuthukela ukuthi uthanda iNhlangano yakhe!! ANC is my choice and my political home!!”

Le nkulumo iza ngesikhathi uDube engomunye wabantu abasohlwini lwabangase babe ngabameli be-ANC esikhundleni sobuMeya eMsunduzi ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya luka-2026. I-ANC isanda kuveza uDube njengomunye wabantu abayisikhombisa abasohlwini lwabangase bahole umasipala waseMsunduzi.

UDube, oseke waba yi-MPL KwaZulu-Natal, ubonakala engazisoli ngokuma kwakhe kwezepolitiki, ethi i-ANC iyisinqumo sakhe futhi iyikhaya lakhe kwezepolitiki.

Lokhu sekuvuse ingxoxo ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abanye bembuza ukuthi kungani abafundisi bengena kwezepolitiki, esikhundleni sokuthi ngabe baqhuba umsebenzi kankulunkulu esontweni.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *