30 Aug 2026, Sun

USESHADILE EMALAWI OWESIFAZANE WASE EASTERN CAPE, OWAHamba NESOKA LAKHE BAYA EMALAWI

USESHADILE EMALAWI OWESIFAZANE WASE EASTERN CAPE, OWAHamba NESOKA LAKHE BAYA EMALAWI

Owesifazane wase-Eastern Cape eNingizimu Afrika, uNokwazi Ncuku, usephenduke umakoti waseMalawi ngokusemthethweni ngemuva kokuthi indoda yakhe uRasheed imfake indandatho, eqinisekisa ubudlelwano babo.

UNokwazi wahamba nesoka lakhe besuka eNingizimu Afrika baya eMalawi ngenxa yomkhankaso we-“March and March owawuphoqa abantu bokufika eNingizimu Afrika ukuthi bahambe, ubudlelwano babo buqhubeke eMalawi kwaze kwafika esigabeni sokuthi uRasheed anqume ukumfaka indandatho.

Ezikhulumela, uNokwazi uthe sekuyisikhathi sokuthi abantu bayeke ukumthatha kancane njengoba manje esengunkosikazi kaRasheed.

Uthe:

“Nayi imali ye-lobola, we will send it tomorrow at home. Ndizokwenza i-video ke ukuze nihlukane nokundithatha kancinci. I’m Rasheed’s wife ngoku 💍🇲🇼❤️. Igama lasemzini: Amirah.”

UNokwazi uthi imali yelobolo izothunyelwa ekhaya, kanti uthi uzokwenza ne-video ukuze abonise abantu ukuthi ubudlelwano babo sebuthathe elinye igxathu.

Uphinde waveza igama lakhe lasemzini elithi Amirah, njengoba esengene esigabeni esisha sempilo eMalawi.

Manje uNokwazi useziqhenya ngokuzibiza ngokuthi “Rasheed’s wife”, njengoba uthando lwabo selufinyelele esigabeni esisha.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba #malawi

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *