Owesifazane Ushaywe Waze Wayikhipha Ingane Yakhe Abeyilahle Estamukokweni
Kubikwa isigameko esishaqisayo lapho owesifazane obesanda kubeletha emasontweni ambalwa edlule eshaywe kanzima, lokhu kungemuva kokuba ethathe ingane yakhe wayifaka ebhakedeni, wayoyilahla estamukokweni esihlala sivulekile endaweni.
Ngokwemibiko etholakele, ubaba uthi ekuseni akazange ayizwe ingane ikhala njengokujwayelekile. Lokhu kwamenza wasola, waze waya ekamelweni lowesifazane wayongqongqoza emnyango. Owesifazane akazange aphendule, kwaze kwaba yilapho eqala ukukhala kakhulu ngaphakathi, emncenga ubaba ukuthi avule umnyango.
Kuthe esevulile umnyango, ubaba waqala ukubheka embhedeni wabona ukuthi ingane ayikho. Ngesikhathi embuza ukuthi ikuphi ingane, owesifazane waqala ukukhala kakhulu, wagcina evumile wathi uyilahlile.
Ubaba , ongakholwanga okwenzekile, waphikelela embuza ukuthi uyilahle kuphi ingane. Kuthe emva kokucindezelwa nokuxabana, owesifazane wagcina ekhombisa indawo ayilahle kuyo — estamukokweni esiseduze nalapho behlala khona.
Isigameko sibikwe emaphoyiseni, kanti uphenyo lusaqhubeka. Umphakathi ukhathazekile kakhulu, kanti iziphathimandla zinxusa ukuthi abantu abafikelwa izinkinga zengqondo noma zokuhlukumezeka ngemuva kokubeletha bafune usizo ngokushesha ukuze kugwemeke izigameko ezibuhlungu ezifana nalezi.




