Kusabalale ividiyo yabafundi besikole benza imikhuba ekilasini
Izinkundla zokuxhumana zixokozela ngemva kokusabalala kwevidiyo ekhombisa abafundi besikole benza ukuziphatha okungafanele ngaphakathi kwegumbi lokufundela. Lesi senzo sidale umsindo omkhulu emphakathini, kwaphoqa ukuthi isikole sithathe izinyathelo ngokushesha.
Kubikwa ukuthi abafundi ababili banikwe ukuphumaphele (suspension) ngemuva kokuba ividiyo yabo isisabalale ezinkundleni zokuxhumana. Isikole sithi sizophenya kabanzi udaba, sisebenzisane nabazali, futhi siqinisekise ukuthi kuphephile, kuyahlonishwa futhi kuyagcinwa isimilo phakathi kwabafundi.
Labafundi bavele bebambana izitho zomzimba ekilasini,umfana ethinta mabele, izinqa futhi efaka isandla ngaphantsi kwesitho sangasese sentombazane.
Abaphathi bezemfundo bagcizelele ukubaluleka kokuvikelwa kwezingane, ukuziphatha okufanele ezikoleni, kanye nokusetshenziswa ngokuziphatha kwezinkundla zokuxhumana. Umphakathi uyakhuthazwa ukuthi ungasabalalisi noma ungabelani ngalezi ziqephu, ngoba lokho kungalimaza izingane futhi kube necala ngokomthetho.
Isikole sicele ukubambisana kwabazali nabafundi ukuze kuqinisekiswe ukuthi izikole zihlala ziyizindawo zokufunda eziphephile nezihloniphekile.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/186jZEaB5v/?mibextid=Nif5oz

