UKHUNGATHEKILE umndeni wowesifazane wasoPhongolo okuthiwa ubulawe evakashele umngani wakhe abengamathe nolimi naye.
Umthombo uthole ukuthi umufi, uNksz Zabanguni Mnguni (34) ubulawe ngoMsombuluko emini kade evakashele umngani wakhe.
Isihlobo sikamufi, uMnuz Zamani Mnguni sitshele umthombo ukuthi umufi ubesuke kubo eyovakashela umngani wakhe njengenjwayelo.
Uveze ukuthi imizi yale mindeni ayiqhelelene kangako kangangoba akupheli nemizuzu emihlanu uma omunye eya komunye.
Echaza uthe bathole ukuthi umufi ube nengxabano eshunqa phansi nomunye wesilisa, naye obevakashele kulo muzi.
”Kuthiwa bahilizisane kakhulu asazi kodwa ukuthi yini lena abebephikisana ngayo. Kodwa sithole ukuthi owesilisa ucikwe wukuthi umufi ubemphendula noma yikanjani kanti uzocasuka bese eyamgwaza amanxeba amathathu kubuka bonke abantu ebebekhona ngaphakathi endlini,” usho kanjena.
Uthe bona babizwe sekuthiwa mabaphuthume kumele aphuthunyiswe esibhedlela udadewabo, ngeshwa bafike esethule.
Ukhale ngomkhokha athe ubalandele kuleli khaya njengoba ngo-2022 kunomunye emndenini owashona ekade evakashele umngani wakhe
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukamufi. Athe kuphenywa ngokufa kowesifazane okusolakala ukuthi ubulawe ngokugwazwa.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/1FKGkG8het/

