Abantu Ababili Balimale Kanzima Ngemuva Kokuwa Kwendiza Encane eMidrand
Abantu ababili balimale kanzima ngemuva kokuba indiza encane (light aircraft) iwele eAustin View eMidrand, enyakatho yeGoli, ngoMsombuluko ekuseni.
I-Aeronautical Rescue Coordination Centre (ARCC)*iqinisekise ukuthi abalimele baphuthunyiswe esikhungweni sezokwelapha ukuze bathole ukwelashwa.
I-ARCC iveze ukuthi indiza ilahlekelwe ukuxhumana ne-Air Traffic Control ngaphambi kokuba iwe, okuyinto edale ukuthi kusebenze ngokushesha uhlelo lokusiza ngezimo eziphuthumayo.
Ngokuka Gregory Critchley, uMqondisi Wezokusebenza we-ARCC, uthi:
“Indiza ilahlekelwe ukuxhumana nabalawuli bezindiza yabe isiwela endaweni yaseAustin View eMidrand. I-ARCC yase ivula ngokushesha inethiwekhi yesexwayiso eGauteng, okubandakanya amalungu eGrand Central Airport Rescue Firefighting (ARFF), Netcare 911 Rescue, South African Police Service (SAPS), Netcare 911 Helicopter Emergency Medical Service (HEMS), Rocket HEMS, indiza yamaphoyisa omgwaqo aseGauteng, Bidvest Protea Coin helicopter, SARZA kanye ne Fidelity Fire Services, bonke abaphendule ngokushesha.”

