24 Apr 2026, Fri

Abahlali baseNewcastle bathi uShukela angaba nomthelela omkhulu ekuletheni izidingo zomphakathi

Abahlali baseNewcastle bathi uShukela angaba nomthelela omkhulu ekuletheni izidingo zomphakathi

Abahlali baseNewcastle baveze ukuthi uMnu Musa Shukela Thwala, ongumholi weqembu leTeam Sugar South Africa (TSSA) futhi owake waba ngusekela meya kaMasipala waseNewcastle, angaba nomthelela omkhulu ekuletheni izidingo zomphakathi.

Noma kunjalo, abahlali baveza ukuthi izethembiso zakhe zangaphambilini azizange zifezeke ngokuphelele ngesikhathi esebenza njengesekela meya njengoba wasuswa esikhundleni kungazelelwe.

Umphakathi ukhathazekile mayelana nekusasa lokulethwa kwezinsiza emphakathini, bakholelwa ukuthi uMnu Musa Shukela Thwala angaba ushintsho.

Ilungu lomphakathi elikhathazekile lithe:
“Akumangalisi ukuthi abahlali bekhathazekile. Ukuphumelela ekuletheni ushintsho emphakathini kudinga ukuthi umholi abe nezinhlelo ezicacile, azisebenzise izinsiza ngendlela ephumelelayo, futhi aqinisekise ukuthi izethembiso ziyafezeka. Ukuzibophezela ekubuyekezweni kwamaphrojekthi nokuqinisekisa ukuthi izidingo zomphakathi ziyaphendulwa kuyisici esibalulekile sokuhola ngempumelelo.”

Abahlali bathi nakuba bekholelwa ekutheni uShukela Thwala angaba nomthelela omuhle,kodwa balindele ukuthi aqinisekise ukuthi izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi ziyaphumelela futhi izithembiso zakhe ziyagcwaliseka ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zabantu baseNewcastle.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *