Kuphuthunyiswe esibhedlela saseMadadeni abafundi baseDedangifunde High School, eseMadadeni Section 7 eNewcastle, ngemuva kokudla amakhekhe okusolwa ukuthi anezidakamizwa.
Kubikwa ukuthi kukhona ubaba obedayisa la makhekhe abizwa ngokuthi ama “space muffin,” kanti abafundi bakaGrade 8 abawadle baqale ukukhombisa izimpawu ezesabekayo — abanye baphuma igazi emakhaleni, abanye baphuma amagwebu emlonyeni, kanti kukhona nabaqulekile.
Izingane ezithintekile ziphuthunyiswe ngokushesha esibhedlela ukuze zithole usizo lwezempilo.
Imininingwane eyengeziwe ngalolu daba kulindeleke ukuthi yaziswe njengoba uphenyo luqhubeka.

