Umholi weMarch and March, uJacinta Ngobese, uthi osopolitiki yibo abavumela ubugebengu buqhubeke eNingizimu Afrika.
Ekhuluma kwi-podcast kaMacG, uNgobese uveze ukuthi okubuhlungu wukuthi abantu bakuleli bathanda osopolitiki kakhulu kunokuthanda izwe labo. Uthe uma izakhamuzi zingalithanda izwe lazo ngendlela ezisekela ngayo abaholi bezepolitiki abafana noMalema, Zuma, Ramaphosa noHlabisa, kuningi okungashintsha.
Le nkulumo isivuse impikiswano ezinkundleni zokuxhumana, abaningi bezibuza ngeqhaza losopolitiki kanye nezakhamuzi ekulweni nobugebengu kuleli.

