28 May 2026, Thu

Kushone iphoyisa (25) ngesikhathi lijaha umsolwa ePhokeng

Kushone iphoyisa (25) ngesikhathi lijaha umsolwa ePhokeng

I-SAPS iqinisekise ukushona kukaConstable Gift Mota (25), obeyilungu leVisible Policing Crime Prevention Unit ePhokeng, eNorth West, ngemuva kokutholakala kwesidumbu sakhe edamini.

Kubikwa ukuthi uConstable Mota ubepatrola nozakwabo ngesikhathi bethola umbiko womphakathi ngomsolwa oxhunyaniswa nokubamba inkunzi nokugqekeza. Amaphoyisa alandele umkhondo aze afike ezindaweni zaseMasosobane naseRaffredy, lapho umsolwa abalekele khona wangena edamini. UMota ungene emanzini emlandela kodwa wanyamalala.

Iyunithi yabatshuzi beSAPS yabizwa, yagcina ithole isidumbu sakhe. UMota wayedluliselwe ePhokeng ngoLwezi ka-2025 futhi udabuka e-Ermelo, eMpumalanga.

IBamba likaKhomishana waseNorth West, uMajor General (Dr) Ryno Naidoo, lidlulise amazwi enduduzo emndenini, kubangani nasebenza nabo, lathi uMota ubeyiphoyisa elizinikele elishone lisemsebenzini. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uqhubeke nokusebenzisana namaphoyisa ekulweni nobugebengu.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *