7 Jun 2026, Sun

Kudutshulwe kwabulawa intombazane (15) ngesikhathi idlula ngase tavern 

INTOMBAZANE ENEMINYAKA ENGU-15 IDUTSHULWE YABULAWA EDUZE NE-TAVERN ENORTH WEST

Kube nesigameko esibuhlungu eKanana township, eduze nase Orkney esifundazweni sase North West, lapho kudutshulwe khona abantu abane bashona, kuhlanganisa nentombazane eneminyaka engu-15.

Ngokwemibiko, ngoMgqibelo ebusuku sekuyovalwa, amadoda amathathu abegqoke ama-balaclava, ephethe izibhamu ezinkulu, kuthiwa ahlasele i-tavern ase evulela ngenhlamvu, kwadaleka isiphithiphithi esikhulu.

UKoketso Sehako (15) ubekade edlula eduze kwale tavern ngesikhathi edutshulwa, washonela khona lapho.

Kulesi sigameko kuphinde kwabulawa abesifazane abathathu, kanti abanye ababili balimala kakhulu baphuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole usizo.

Amaphoyisa aseKanana asevule amacala okubulala kanye nokuzama ukubulala, kanti asaqhubeka nokufuna abasolwa ababalekile endaweni yesigameko.

Umndeni kaKoketso ushiywe udabuke kakhulu, ufuna ubulungiswa futhi ucele ukuthi le tavern ivalwe ngenxa yokwanda kwezigameko zodlame emphakathini.

Uphenyo luyaqhubeka.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *