15 Apr 2026, Wed

Kushone umculi kaMaskandi ngemuva kokugwazwa eMpangeni

Kushone umculi kaMaskandi ngemuva kokugwazwa eMpangeni

Kubikwa ukuthi umculi kaMaskandi, uSbongiseni Masondo (23), ushone ngemuva kokugwazwa ngesikhathi ebanjwa inkunzi eMpangeni izolo ebusuku. Kuthiwa ubefike ngetekisi yokugcina esuka eGoli ngesikhathi kuhlaselwa yena.

Ngokwemibiko yokuqala, uMasondo uzame ukunqaba ngesikhathi ehlaselwa, abasolwa base bemgwaza bathatha zonke izinto zakhe, okubalwa nesiginci sakhe.

Ngokwemibiko, lesi sigameko kuthiwa sibonwe yiphara elabe selibika, lathi abasolwa kungenzeka kube iqembu labantu elisolwa ngokugunda abantu edolobheni. Nokho, amaphoyisa awakakaqinisekisi imininingwane yabasolwa.

Amaphoyisa kulindeleke ukuthi aphenye kabanzi ngalesi sigameko ukuze kutholakale abasolwa. Umphakathi nawo unxuswa ukuthi unikeze noma yiluphi ulwazi olungasiza ekubanjweni kwabenzi bobubi.

Ukudlula kwakhe kushiye umndeni, abangani kanye nabathandi bomculo bedangele kakhulu.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/14VrMHsX9oP/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *