Imoto yohlobo lwePolo idale ingozi, yaphaphalaza yashayisa isitolo sakwa-Favorite Curtains edolobheni eNewcastle
Ingozi ebandakanya izimoto ezintathu kanye netekisi kanti yenzeke namuhla ntambama ekhoneni likaMurchison no-Allen Street edolobheni Newcastle, kwasala isitolo sonakele.
Ngokusho kolwazi olutholakele, le ngozi ibandakanya izimoto ezintathu kanye netekisi. Kusolakala ukuthi umshayeli wemoto yohlobo lweVW Polo nguyena odale le ngozi, njengoba kubikwa ukuthi ubeqhamuka ngesivinini esiphezulu.
Kuthiwa le moto idale ukushayisana nezinye izimoto ngaphambi kokuthi iphaphalaze yagcina ishayise isitolo sakwaFavorite Curtains
Amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo bafikile endaweni yesigameko ukuze balawule isimo futhi basize abathintekile engozini. Okwamanje akukacaci ukuthi bangaki abalimele noma isimo sabo sinjani.
Abashayeli bayaxwayiswa ukuba baqaphele kakhulu uma beshayela ezindaweni ezisemadolobheni, ikakhulukazi lapho kunokuminyana kwezimoto khona.
Imininingwane eyengeziwe ngalengozi ungayilalela kulombiko olandelayo
