Intombi iginqe imoto yesoka ku-Inanda Road ngemuva kokuyithatha ngaphandle kwemvume
Imoto iToyota Corolla esiliva ilimale kakhulu ngemuva kokuthi owesifazane obebebuya ebumnandini nesoka eyithathe ngaphandle kwemvume esokeni lakhe eyiqinqe emgwaqeni u-Inanda Road eduze kwase Trenance Park ngoMgqibelo ekuseni.
Inhlangano yezokuphepha iReaction Unit South Africa ithole ucingo lokucelwa usizo cishe ngo-07:06 ekuseni kumuntu wesilisa obike ukuthi imoto yakhe ithathiwe ngaphandle kwemvume.
Ngokusho kwalowo wesilisa, wayebhukhe ehhotela eLa Mercy lapho ebechitha khona ubusuku nentombazane eneminyaka engu-20. Uthe ngesikhathi esebathroom ekuseni, le ntombazane kuthiwa iphume nayo imoto yakhe iToyota Corolla.
Amaphoyisa eReaction Unit aqale ukuyifuna imoto, kodwa kamuva athola umbiko wengozi yemoto ku-Inanda Road eduze kwaseTrenance Park.
Lapho efika endaweni yesigameko, athole imoto ilele ngohlangothi futhi kwaqinisekiswa ukuthi yiyo leyo imoto ebibikwe ukuthi ithathiwe.
Owesifazane utshele amaphoyisa ukuthi uthathe imoto eyothenga ugwayi. Uthe uhambe waya eTrenance Park futhi ngesikhathi ebuyela eLa Mercy wahluleka ukuyilawula imoto.
Imoto yabeseyiphenduka yashayisa indlu, yadala nomonakalo esakhiweni.
Kuphenyo kuvele ukuthi umshayeli akanayo ilayisense yokushayela, kwathi amaphoyisa ambopha khona lapho.




