Unkosikazi Ubambe Umyeni Wakhe Edlwengula Umakhelwane
Kushaqeke umphakathi ngemuva kokuthi owesifazane oneminyaka engu-44 ebambe umyeni wakhe eqhoqhobele umakhelwane wesifazane ongumngane wakhe omkhulu, emdlwengula.
Ngokwemibiko, lo nkosikazi uthi ubebevakashele umakhelwane ngesikhathi ethola umyeni wakhe esezitika ngokocansi nowesifazane ongumakhelwane. Uthi wazama ukumkhipha phezu kwalowo wesifazane kodwa wehluleka, waphoqeleka ukuthi ahlabe umkhosi ukuze omakhelwane bezosiza.
Kuthiwa ngesikhathi omakhelwane befika, umsolwa wazama ukubaleka kodwa akaphumelelanga.
Isisulu sokudlwengulwa, owesifazane oneminyaka engu-40, kuthiwa sathi asikhumbuli kahle okwenzekile ngoba besilele eduze komgwaqo futhi siphuze kakhulu utshwala ngaphambi kwesigameko. Utshele amalungu omphakathi ukuthi wavuswa abantu bemtshela ukuthi umsolwa ubesegumule izingubo zakhe zangaphansi emdlwengula.
Amaphoyisa aqinisekise ukuthi umsolwa oneminyaka engu-52 uboshiwe, kanti ubhekene necala lokudlwengula. Uphenyo luyaqhubeka.


