30 May 2026, Sat

Iphoyisa Lase Free State Elibulale Udokotela Livele Enkantolo

Iphoyisa Lase Free State Elisolwa Ngokubulala Udokotela Livele Enkantolo

Iphoyisa elingu-constable lase Free State elisolwa ngokubulala udokotela u Dr Gape Moroe livele eNkantolo yeMantshi yase Harrismith, kanti icala lihlehliselwe umhlaka 13 Mashi 2026 lapho kulindeleke ukuthi kufakwe isicelo sebheyili.

Ngokombiko we Independent Police Investigative Directorate (IPID), kuthiwa udokotela kanye naleli phoyisa bebehlala efulethini elilodwa, elaliqashwe nguDr Moroe.

Kuthiwa ngesikhathi iphoyisa lisemsebenzini, uDr Moroe wamema abangani bakhe abane ukuze babe nombuthano omncane wokuzijabulisa. Kusolwa ukuthi iphoyisa labuya cishe ngo-23:40 ebusuku lafuna ukuthi izivakashi zihambe.

Lapho uDr Moroe emtshela ukuthi nguyena oqashe ifulethi, kuthiwa ingxabano yanda. Kusolwa ukuthi iphoyisa lakhumula isibhamu, lasibeka ebunzini lodokotela labe selimdubula, washona khona lapho.

Okushaqisayo ukuthi ngemuva kwalokho, kusolwa ukuthi umsolwa waphoqa laba abangani abane ukuthi bangene emotweni kaDr Moroe. Omunye wabo waphoqeleka ukuthi ayishayele imoto besuka e Harrismith baya eBethlehem, bese begcina eKroonstad.

Kubikwa ukuthi lapho befika khona, wabayalelwa ukuthi bagxumele emfuleni wabe esedubula izibhamu eziningi ngenhloso yokubethusa.

Umsolwa wagcina eboshiwe eKroonstad, kanti uphenyo luqhubeka ngaphansi kwe Independent Police Investigative Directorate.

Ukushona kukaDr Gape Moroe kushiye umphakathi udabukile. Imicabango nemikhuleko iya emndenini nakubathandekayo bakhe kulesi sikhathi esinzima. 🕊️

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *