Sekuphele iminyaka engu-12 kuduke ibhanoyi le-Malaysia elalithwele abagibeli abangu-227 kanye nabasebenzi bendiza abangu-12.
Sekuphele iminyaka engu-12 kuduke ibhanoyi le-Malaysia Airlines elaziwa ngokuthi Malaysia Airlines Flight MH370, elalithwele abagibeli abangu-227 kanye nabasebenzi bendiza abangu-12.
Le ndiza yanyamalala emoyeni ngomhlaka 8 Mashi 2014 isuka eKuala Lumpur iya eBeijing eChina. Ngemuva kokunyamalala kwayo, yaphenduka enye yezimfihlakalo ezinkulu emlandweni wezindiza emhlabeni.
Izwe lase Malaysia, kanye namanye amazwe amaningi, laqalisa umkhankaso omkhulu wokusesha endaweni enkulu yoLwandle i Indian Ocean, kodwa indiza uqobo lwayo ayizange itholakale.
Noma sekudlule iminyaka eminingi, abakaze bathole izingcezu ezicacile zendiza noma indawo eqondile lapho yawela khona. Lokhu kushiye imindeni yabagibeli kanye nomhlaba wonke besenemibuzo eminingi engakaphendulwa mayelana nokuthi kwenzekani ngempela ngalolo suku.
Ochwepheshe bezindiza basaqhubeka nokuhlaziya imininingwane kanye nobuchwepheshe obusha ngethemba lokuthi ngelinye ilanga kuzotholakala iqiniso mayelana nokunyamalala kwe Malaysia Airlines Flight MH370.

