Umkhakha wezomculo e Durban ushaqekile futhi uselileni ngokudlula emhlabeni kuka DJ, producer kanye nosomabhizinisi, uDJ Boonu.
Igama lakhe langempela ngu-Andile Chili wase Umlazi, uDJ Boonu wayaziwa kakhulu ngengoma yakhe ethandwayo ethi uSwidi Wodwa eyakhishwa ngo-2017. Wayekhiqiza umculo ngaphansi kwelebuli yakhe, iSwidi Films.
Njengomculi oseke waba semkhakheni isikhathi eside, usebenzisane nabaculi abanjengo Big Nuz, kanye nenkampani Afrotainment, okubeka igama lakhe phakathi kwabahlonishwayo embonini.
Ngaphandle komculo, uBoonu ubesanda ukungena emkhakheni wamafilimu, egxile ekwakheni ama-music videos nasekuthuthukiseni amakhono entsha. Ubephinde abe nosomabhizinisi, eqhuba ibhizinisi lokukhiqiza amathishu.
Ngokusho kwemithombo esondelene nomndeni, uBoonu udlule emhlabeni izolo ebusuku.
“Sikhona lapha ekhaya. Isimo sishubile kakhulu njengoba umndeni usabhekene nobuhlungu bokulahlekelwa. Imoto ethwala izidumbu ayikafiki okwamanje,” kusho omunye umthombo.
Ukudlula kwakhe kushiye imbobo enkulu embonini yezokuzijabulisa, ikakhulukazi kulabo abebesebenza naye kanye nalabo abebethola amathuba ngaye.

