15 Apr 2026, Wed

Kuphelile phakathi kukaSphongolish noKhozi FM

Sekuqinisekisiwe ukuthi umdidiyeli  odumile wezinhlelo uBonga Dladla owaziwa kakhulu ngegama elithi Sphongolish ngeke esaba yingxenye yesiteshi somsakazo Ukhozi FM ngesizini entsha.

Lokhu kuqinisekiswe ngemuva kokuthi kuthintwe uSphongolish ukuze aphawule ngezindaba zokushiya kwakhe isiteshi. Ngokombiko okhishwe ngu Tshepo Msimango, uSphongolish uqinisekisile ukuthi usethathe isinqumo sokuthatha umhlalaphansi ngokuphelele kwezokusakaza.

USphongolish uthe:

> “Yebo, ngiyawabeka ethala amakhokho kwezokusakaza, ngiyoqhubeka nezinye iziqu zami, iLocal Government Management kanye neSupply Chain Management.”

Uveze nokuthi usevele unezifundo eziphakeme, okuhlanganisa iDegree kuSupply Chain Management kanye neDiploma kuLocal Government Management, okuyizinto azimisele ukuzisebenzisa esigabeni esilandelayo sempilo yakhe yomsebenzi.

USphongolish ubengomunye wabadidiyeli abathandwa kakhulu emsakazweni, egqame ngendlela yakhe ehlukile yokwethula uhlelo nokuxhumana nabalaleli. Ukushiya kwakhe Ukhozi FM kulindeleke ukuthi kushiye igebe kubalandeli bakhe abaningi abebejwayele ukumlalela njalo.

Abalandeli bakhe bancome umsebenzi wakhe kwezokudidiyela izinhlelo, bembonga ngomthelela wakhe emsakazweni nendlela akhe wagqugquzela ngayo abaningi abangene kulo mkhakha.

Kusalindeleke ukuthi Ukhozi FM lumemezele ngokusemthethweni uhlelo olusha noma ozongena esikhundleni sakhe njengoba kuqala isizini entsha.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *