15 Apr 2026, Wed

Owesifazane udutshulwe wabulawa emva kokungqongqozelwa emnyango eGqeberha

Owesifazane udutshulwe wabulawa emva kokungqongqozelwa emnyango eGqeberha

Kubikwa ukuthi owesifazane ogama lakhe ngu Ntombizodwa Mhletywa, wase Dwesi esifundazweni i Eastern Cape, udutshulwe wabulawa ngumuntu ongakaziwa.

Ngokusho kolwazi olutholakele, kuthiwa owesifazane uqale wangqngqozelwa  emnyango, ngesikhathi uNtombizodwa evula ukuze abone ukuthi ubani, wadutshulwa kaningi washona endaweni yesigameko.

Isigameko sishiye umndeni nomphakathi bethukile, njengoba kungakaziwa ukuthi yini ebangele lesi senzo esinonya.

Amaphoyisa ase South African Police Service aqale uphenyo ukuze kutholakale umsolwa kanye nesizathu sokubulawa kwakhe.

Umphakathi ucela noma ubani onolwazi olungasiza amaphoyisa ukuthi aphumele obala ukuze kusizwe uphenyo luqhubeke, futhi abenzi bobubi babhekane nomthetho.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *