15 Apr 2026, Wed

Abase Cebolethu benze i-April Fool Ngokushona Kuka Vusi Nova

Abase Cebolethu benze i-April Fool Ngokushona Kuka Vusi Nova

Abase Cebolethu Funeral Services benze ihlaya le-April Fool’s Day elidale umsindo ezinkundleni zokuxhumana, lapho bememezela khona ngokungelona iqiniso ukuthi umculi odumile, uVusi Nova, useshonile.

Kukhasi labo likaFacebook, babhale bathi:
“Nyani nyani, noVusi Nova uzophumla eCebolethu.”
Baqhubeka bathi:
“It was an honour to conduct the funeral of a true music icon. Siyabulela ngokuthembela kuthi.”

Le posti ishaqise abantu abaningi, abaningi baphendule ngokuthukuthela, bethi akudlalwa ngokufa futhi lokhu akufanele kube yinto yokwenza ihlaya ngayo.

Abanye baphinde bagxeka lesi senzo, bethi singalimaza imindeni kanye nabalandeli bomculi, futhi sibonisa ukungahloniphi.

Lesi sigameko sivuse ingxoxo enkulu mayelana nemingcele yamahlaya ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi uma kuthinta izindaba ezibucayi njengokufa.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *